Izindaba

Bavelile Enkantolo Abatholakale Nezibhamu (4) Ezingekho Emthethweni

Abasolwa abahlanu (5) bavele enkantolo yaseKomatipoort ngoLwesithathu ngecala lokutholakala nezibhamu ezine (4) ezingekho emthethweni zinezinhlamvu. Laba basolwa abeneminyaka ephakathi kwamashumi amabili nanhlanu (25) namashumi ayisithupha nesishiyagalolunye (69) baboshwe ngoLwesibili ngehora lesikhombisa ebusuku.

Ngezikhathi zakusihlwa ngoLwesibili ngesikhathi amaphoyisa aqapha echwebeni laseThekwini kodwa abese eMpumalanga ngomsebenzi othile amise imoto eyi-Toyota Landcruiser ebinabantu abahlanu ngaseMananga mawuphumela eKomatipoort. Kuthe mayiphenywa lemoto kwatholakala izibhamu ezinkulu ezine zifihlwe emuva kwezihlalo.

Laba solwa babe sebeboshelwa ukutholakala nalezibhamu nezinhlamvu njengoba behlulekile ukuveza ubufakazi bokuthi zisemthethweni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.