Uphumele Obala Ngo Ben 10 Wakhe UBabes Wodumo
Isihlabani somculi weGqomu esasishade noMampintsha weBig Nuz sesiphumele obala ngokuthandana noSabelo Zuma obeseqenjini Amarotho. Abasondelene nalezi thandani bathi uZuma ubemeseka ngakho konke uBabes selokhu kwashona umyeni wakhe ngoZibandlela 2022 emuva kokuphathwa isifo sohlangothi. UBabes ubesehlale isikhathi esingangonyaka ezilele uMampintsha ngaphambi kokuvela kwalezindaba.
NgoMbasa ngonyaka odlule uBabes wamangaza abaningi ngesikhathi ememezela ukuthi usekulungele ukuphinde ajole. “Ngingathanda ukujola nomlungu manje ngoba bona abakhulumi kakhulu. Uthini umbono wenu, ngoba ngiyaqhanyelwa kakhulu manje futhi akusemnandi. Sekungigulisa ngekhanda”, kusho yena.
Kubukeka sengathi uthole kanye lento abeyifuna kuZuma oneminyaka engamashumi amabili nanhlanu (25) ekubeni yena uBabes eneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28). Kusolwa ukuthi laba bobabili baqale ukujola ngonyaka odlule njengoba bebeye babonakalae emicimbini bexhakene.
“Usemncane uBabes futhi ukhululekile naye njengawo wonke umuntu ukuthi aqhubeke nempilo. Usekwenze konke bakithi, wamzilela nomyeni wakhe isikhathi esingangonyaka”, kusho omunye wabasondelene nabo.