“Inkulu Imali Eyakhokhelwa Izinkabi Ezabulala Umfana Wami”: Ubaba Ka-AKA
KULEMPELASONTO edlule bekuphela unyaka kwabulawa umculi odumile u Kiernan Jarryd Forbes owayedume ngelika-AKA. Lo mculi we-rap wadutshulwa endaweni yokudlela i-Wish Restaurant eku Florida eThekwini.
UTony Forbes ongubaba ka-AKA ekhuluma kwi-podcast kaDJ Hazel Mahazard i-Within with Hazel uthe kusukela ezwa izindaba zokubalawa kwendodana yakhe akakaze akungabaze ukuthi lowana kwakuwumsebenzi wezinkabi ezakhokhelwa enhle imali. Ephendula umbuzo obuthi ngabe uyakholwa yini ukuthi lesigameko esenzeka mhlaka 10 Nhlolanja sasiqondiswe ngqo kwindodana yakhe, uthe:
“Angingabazi ukuthi kwakuzosocongwa yena.. Lento yahlelwa kahle. Kwasetshenziswa izinsiza ezisezingeni elingeni eliphezulu ukuhlanganisa lomsebenzi. Uyambona umbulali ezulazula, ambone uKeirnan wambeletha qede wamdubula ekhanda ngokushesha. Ayikho into eqondana kanjalo”
Ubaba ka-AKA ukholwa ukuthi lena enye indoda eyayihamba nombulali yayizoqinisekisa nje ukuthi umsebenzi wenzeka ngendlela. Uchazele UDJ Hazel ukuthi wayibona i-video eveza ukusuka nokuhlala kubulawa indodana yakhe umuntu owayeseduze kakhulu. I-video eyayisabalele ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi u-AKA esanda kubulawa, kwakubonakala indoda eyayifake okusajakhethi emhlophe isondela kuye nomngani wakhe owayewumpheki owaziyawo uTebello Motsoane owayedume ngelika Tibz, ngaphambi kokudedela inhlamvu eyiqondise ngqo esiphongweni sika-AKA eyamhlaba wathula khona lapho. Emuva kwalokho umbulali ubonakala ebaleka eqa umgwaqo ephela emehlweni.
Indoda yesibili eyayibonakala emi esigxotsheni eduze kwemoto ka-AKA, yakhipha isibhamu yadubula ibhekise kubantu ababeyisixuku, bahlakazeka yase ibaleka ilandela umbulali. Kusolwa ukuthi uMotsoane wadutshulwa inhlamvu yesibhamu esaqhunyiswa indoda yesibili.

Isithombe: Tony Forbes