Uzibulele Umfana Obesekhathele Uthisha Wesifazane Obemhlukumeza
UPHENYA isigameko okuthiwa siholele ekuzibulaleni komfundi uMnyango weMfundo KwaZulu-Natali. Kubikwa ukuthi lomfundi oneminyaka eyishumi nanhlanu (15) ubefunda ibanga leshumi (Grade 10) eMbangazwe High School kwaMakhutha.
UMKHAYA uthole ukuthi igama lomfundi ozibulele uThandolwe Ngcobo kanti usizi lwakhe luqale ngonyaka odlule ngesikhathi ethola ukuthi imiphumela yakhe yezifundo i-maths ne-physics yayiphansi kakhulu nokwamenza wangakwazi ukudlulela ebangeni elilandelayo.
Kuthe ngawo unyaka odlule unina wakhe uZama Bhengu wanikela esikoleni ukuyokhalaza ngalokho ngoba emazi umntwana wakhe ukuthi ukhaliphile futhi wenza kahle kulezifundo. Nebala isikole savuma ukuthi kube nephutha ngakusona, saphambanisa imiphumela yalezifundo kaThandolwethu neyomunye umfundi. Sathembisa ukuthi sizokulungisa lokho ngoMasingana 2024.
Unina kaThandolwethu uthe kwamkhulula ukuthi isikole silungile lenkunga nendodana yakhe idlulele ebangeni elilandelayo. “Ngangimbona nje naye ukuthi ujabule ngokudlulela kwelinye ibanga kodwa ukukhalaza kwami esikoleni akuhlalanga kahle kulothisha ohlukumeze ingane yaze yazibulala.
“Umtanami ubeke angibikele ukuthi lothisha ubeye athi akandoda yalutho, elwela unina izinkinga zayo. Lokho noma bekwenzeka njalo uThandolwethu ubenakho ukubuye angangitsheli”, kusho uBhengu.
Utshele intatheli ukuthi indlela ingane yakhe ebihlukumezeka ngayo ike yamtshela ukuthi ifuna ukushintsha zonke izifundo ivele ingene komunye umkhakha, ngenxa yalothisha ngoba izifundo lezi ebizithanda bezifundiswa uyena kanti ibingasafuni lutho olumhlanganisa naye.
Abanye abafundi abekanye nabo uThandolwethu batshele unina ukuthi lothisha ubemxosha uThandolwethu ekilasini makufundisa yena, ahlale phandle aze aqede. Uthe mayebabuza labafundi ukuthi uthisha ubekwenzelani lokho; kuthiwa ubeye ethi usalungisa inkinga yemiphumela yakhe. “Ubehlala phandle owami kube kufundwa zonke izinsuku makungena lothisha”, kubalisa uBhengu.
“Ngesikhathi efika ekhaya engitshela ukuthi akasafune lutho olumhlanganisa nezifundo zalothisha, ngathatha ngokuthi unehaba kanti usekhathele umtanami, wayesehlukumezeke kwanela.
“Isenzo salothisha siholele ekutheni umtanami aqede ngempilo yakhe. Ngimthole elenga ophahleni phezulu esethule, esagqoke umfaniswano wesikole. Akekho umama okumele abone lesiga esingehlele namuhla. Ngicasukile futhi ngidiniwe, ngifuna lothisha axoshwe angaphinde afundise nanini futhi ajeze ngokufa komtanami”, kuphetha uBhengu.