Bekunzima Ubaba Ethula Ubufakazi Obugaxelisa Indodana Yakhe Eyabulala Omahosha (6)
UYISE kaSfiso Mkhwanazi oneminyaka engamashumi amabili nanye (21) owavukwa iqunga wabulala omahosha uthi kukhona ayesekusola ngokuziphatha kwakhe ngesikhathi esezobanjwa ukuthi ubebulala omahosha bese izidumbu zabo ezifihla endaweni yakhe yokusebenza.
UMnuz. Mark Khumalo ethula ubufakazi ecaleni eliqhubeka enkantolo ePalm Ridge eGoli ngoMsombuluko uthe nakuba wayesesola ukuthi kukhona okungalungile ngendodana yakhe kodwa wayengayicabangeli ukuthi ingenza into engcole kangaka.
Indodana kaKhumalo ibhekene namacala ayisithupha (6) okubulala omahosha abangabokudabuka eZimbabwe bese izidumbu zabo izifihla endaweni yakhe uKhumalo yokusebenza eyi-workshop. Izidumbu zalabo mahosha zatholakala seziqala ukubola kuyona lendawo zigoqwe ngopulasitiki bokufaka imfucuza abamnyama.
“Wayewumuntu wokugcina engangingacabanga ukuthi angenza into enje kwaze kwabe ngiyazibonela”, usho njalo etshela inkantolo.
Uthe ngaphambi kokuba zitholwe lezidumbu wakuqaphela ukuthi imigqomo kadoti inokunyamalala kulendawo. Ngesikhathi sekunyamalele owesithathu waqala wayikhuluma lento. Wabuza abasebenzi bakhe abayisi (6) kuhlanganisa nohlanza indawo bonke bayilandula.
“Ngabe sengibuza indodana yami eyathi bagcine beyotshinga udoti base beyishiya ebhilidini elingezansi isazoyibheka.
“Ngathi akayibheke, ngilokhu ngimbelesela wagcina ebeke umgqomo omncanyana nje lapho okulahlwa khona udoti”, kusho uKhumalo.
Ezinsukwini ezintathu ngaphambi kokutholakala kwezidumbu kwakunephunga elibi elaliqhamuka ngase-workshop. Kwathi kusenjalo kwabonakala amafasitela angenhla esevuliwe.
“Ngabatshela ukuthi abawavale kodwa sathi sesibuya ngakusasa sawabona esevuliwe futhi. Ilapho-ke leli phunga elase liqine kakhulu. Ngababuza bonke ukuthi liqhamuka ngaphi? Bonke kabaze bazi”
Uthe mahlayeni indodana yakhe yabe isimazisa ukuthi kunekati elifile ngaphansi kwenye yezimoto kodwa uselisusile. Izidumbu zabe sezitholakala ngalelo sonto.
Ngosuku okwatholakala ngalo izidumbu wacela indodana yakhe ukuthi yenze umsebenzi wayo kodwa wakuqaphela ukuthi yayikhathele, iwumuntu owozelayo ofuna ukulala nokuyinto eyayithusa. “Lapho engazibuza khona ukuthi konakelephi ngalomfana?”, kuqhubeka uKhumalo.
Bayabona ukuthi enye yezimoto ezikhona e-workshop yayilayishe esinye isidumbu, kodwa sakhishwa sesinuka kakhulu.
“Ngesikhathi amaphoyisa esefika nezinja ayelokhu ezulazula eduze kwalemoto kodwa okwathi mayivulwa kwangatholakala lutho kuyona.
“Ngesikhathi kumatasa kubhekwa, ohlanzayo laphana wangitshela ukuthi uke wathi ehlanza ngelinye ilanga wabona kujuza into esamanzi, kubhuza nezimpukane kodwa kazange anake.
“Lona wesifazane ngokuhamba kwesikhathi uthi wabona indodana yami isula lento abeyibona eyayilokhu ingayeki ukujuza. Uthi wayibuza ukuthi yenzani, yamphendula yathi kufele ikati lana iyasula. Ngokusho kwakhe uthi yamcela ukuba ayisize”, kulandisa uKhumalo.
UMkhwanazi ubhekene namacala ayisi (6) okubulala, ayisikhombisa (7) okudlwengula, ayisi (6) okuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho, awuphakanga kuhlonyiwe nokubanjwa nesibhamu esingekho emthethweni.
Onke lamacala wayewaphikile, kube sekuthi ngesonto eledlule wawavuma awokubulala omahosha izidumbu zabo azifihle e-workshop yebhizinisi lokukhanda izimoto. Leli cala liyaqhubeka.