Izindaba

Umlingisi Womdlalo uZalo Uzokwenzela Abalandeli Idili Likamkhipheni Ngempumelelo Yakhe

KUYOBE kusindwe ngobethole emcimbini wokubonga ozokwenziwa umlingisi womdlalo owuchungechunge odlala ku-SABC 1 uZalo, uWiseman Mncube ozoba seStable Threatre eThekwini ngoMbasa nonyaka. UMncube umemezele ukuthi uzokwenzela abalandeli bakhe lidili ngokumeseka yonke leminyaka ehlanganisa, ezama nokwenza umaka kulomkhakha wezokulingisa.

Lomcimbi alukashiwo usuku ozoba ngalo kodwa eminye imininingwane izodalulwa ngokuhamba kwesikhathi kulabo abazowethamela.
“Ngithanda ukumemezela ukuthi ngoMbasa ngizokwenza leyonto yokubonga abantu abathanda nabalandela umsebenzi wami eThekwini. Ukubonga ukungiseka nemikhuleko yenu. Izoba seThekwini eStable Threater futhi kuzongenwa mahhala. Kuzoba nenjabulo, iziphuzo nokudla. Abazobe benandisa ngisazobasho kodwa ngiyanithembisa kuzoba mnandi”, kusho uMncube.

Njengamanje uMncube kuZalo udlala indawo yokuba indodana kaNkunzi Mhlongo, uSbonelo ayizala kuMaNgcobo. Ngaphandle kokudlala kulomdlalo uMncube ubuye abonakale emidlalweni eHostela, Mammelo, Ngozi, Ring of Lies, Gold Diggers, The Wife neShaka iLembe. Akhona namanye amafilimi angadumile alingisa kuwona nabalingisi abangakaveleli ngenhloso yokubathuthukisa.

UMncube ungowokuzalwa oLundi enyakatho yesifundazwe iKwaZulu-Natali kodwa usegxile eThekwini ngenxa yomsebenzi. Ubone ilanga mhlaka 29 Nhlaba 1990 kanti akasiye umuntu okhonze ukukhuluma ngomndeni wakhe. Esikwaziyo ukuthi bahlanu kubo kanti kunabafowabo u-Omega no Ntando Mncube nabo abasemkhakheni wezokulingisa njengoba omunye wabo eke wadlala kuZalo ewumfowabo kaSbonelo.

Lo mlingisi oke wahlabana ngomklomelo womlingisi ovelele kuma Simon Sabela Awards ngendawo ayidlala kuZalo unabantwana abathathu (3), oyedwa oyintombazane okunguye omdala umthole emshadweni wakhe wokuqala nomkakhe osewashona bese ababili okungumfana nentombazane umthole kwashade naye manje ongathandi ukugqama nokwaziwa.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMncube ungomunye wabalingisi owaphumela obala wagxeka isenzo sika Nompilo Mwelase we Black Brain Pictures eyayinenhlolakhono eBat Centre eThekwini, lapho ababeyihambile bakhala ngendlela ayebaphethe ngayo kanti abanye wayebajikisa engakabaniki ithuba lokwenza abakuzele. UMwelase udlala emdlalweni oboniswa ku-SABC 1, i-Skeem Saam kanti wayengomunye wamajaji alenhlolakhono eyayibheka umlingisi okwazi ukukhuluma isiZulu.

“Uma ngimemezela ukuthi ngenza inhlolakhono yomdlalo othile futhi ngidinga abazozama inhlanhla bezilungiselele ngokulingisa iziqephu ezithile kumele phela ngibanike lelo thuba lokutshengisa lokhu abazilungiselele khona ngisho ngabe ngiyabona ukuthi akusiye umuntu ofanelwe indawo esiyenzela inhlolakhono”, kusho uMncube.

Isithombe: Umndeni kaMncube

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.