Isitabane Esidumile UMoshe Ndiki Uzoba Ubaba Wamawele Angabafana
ISITABANE esiwusaziwayo uMoshe Ndiki oke washada Phelo Bala owumculi ujabule uyafa njengoba kade emukela abantwana emhlabeni. UMoshe wamemezela ngoMbasa wonyaka odlule ukuthi uzoba ubaba njengoba kwamithiswa owesifazane okungalalwanga naye ngohlelo lokuhlanganisa isidoda sowesilisa nesibeletho salona wesifazane ukuze kwakheke umntwana (surrogate). Kuthe ngeSonto losaziwayo ophinde abe umethuli wezinhlelo ku-TV wavezela umphakathi ukuthi sebezelwe abantwana bakhe abangabafana futhi abangamawele.
“Ngiyabonga Baba. Bazalwe bephila kahle futhi benomndlandla abafana bami ababili. UThalanda Alexander Moshe Ndiki no Ntaba Lehlohonolo Siyolo Ndiki. Lona umhlaba wami”, kusho uMoshe.
“Kwesinye isikhathi ngifikelwa ukukhala mangikhuluma nabantwana bami, ngibathembisa izulu nomhlaba, angazi bazohlalaphi. Lolu uthando olucwebile. Ngixhumana ngokomoya noNkulunkulu ukuba angigcinele bona esandleni sakhe. Ngenhliziyo yami, ngothando lwami lonke, ngizilahla kuNkulunkulu.
“Ngisikhulekele kakhulu lesimanga sokuba uBaba, nalesipho sami sokugubha iminyaka yokuzalwa engamashumi amathathu nanye (31). Ayangiphelela amagama ngomusa kaNkulunkulu kanye nothando lwakhe”, kusaqhubeka uMoshe.
UMoshe ubonge kakhulu kulona wesifazane obelethe abantwana nakumyeni wakhe ngokuvuma kanye nalona wesilisa onikele ngesidoda sakhe njengoba naye wayenephupho lokuba nomntwana ozoba owakhe. “Kuwudaba oluhlekisayo ukuthi lwaqala kanjani, kodwa ngibonga uNkulunkulu ngalona wesifazane nakumyeni wakhe, nalona onikele ngesidoda naye ngiyambonga nemindeni yabo bonke. Lolu hambo akulona olwabantu ababuthaka enhlizweni futhi okuhle ukuthi konke kwenziwe ngokucophelela nangobunyoninco.
Mina nodadewethu lona obengithwalele abantwana bami bese sivele sibizana ngobaba wamawele nomama wamawele. Besizihlanyela nje kodwa besikukhulekela kakhulu ukukhulelwa kwakhe ngoba lesi isikhathi esibucayi, esinzima nesisabisayo. Uyiqhawe lami”, kuphetha uMoshe.
Kubukeka sengathi konke kuhamba kahle empilweni kaMoshe njengoba kuthe maphakathi nonyaka ka-2023 wadalula isithandwa sakhe esisha esibizwa ngo Mzie. Laba bahlangane emuva kokuphela kwefindo lomshado owathatha iminyaka emibili phakathi kukaMoshe noPhelo Bala wodumo lweBala Brothers.

Isithombe: Amawele kaMoshe