Izindaba

Uzithintele Iziqandi Umsakazi we-Vuma FM Egxeka Esidlangalaleni UMapensela WeSupersport

UBUNGAFUNGA ukuthi uhlokoloze isidleke seziqandi umsakazi we-Vuma FM uMankini Mgenge emuva kokuba efake ekhasini lakhe lika Facebook umbhalo abegxeka kuwona umsakazi webhola esiteshini esikhokhelwayo i-Supersport uReginald “Mapensela” Ndlovu. UMankini owenza uhlelo lwasemini no Vanessa Marawa olubizwa ngokuthi ‘i-Crush no Lova’ ubhale ku-Facebook emuva komdlalo weBafana Bafana ne Cape Verde obungoMgqibelo ebusuku ophele ngamagoli amabili kwelilodwa (2-1) sekukhahlelwa amaphenathi, kunqoba iqembu lakuleli.

Inkulumo kaMankini esuse umsindo ibibhalwe kanje: “That Zulu commentator on Supersport is what’s killing media, bro has 0 content it’s just vibes nje..” okungatolikwa ngokuthi umethuli wezemidlalo ngesiZulu ku-Supersport ubulala ezokusakaza, akanayo ingqikithi ukulabatheka nje kuphela. Ubuye wasola uMapensela ngokungazi lutho ngabadlali nokuthi akunalwazi aludlulisayo kubabukeli njengoba bebeze bangene ku-Google ukuze bethole imininingwane yemidlalo elandeyo.

Emuva kwalokho babe sebemnamathela abantu abebephawula ngalo mbhalo wakhe. uPhilani Sothondose Nxumalo uthe: ” Awazi lutho ngebhola wena… kuyacaca ukuthi ibhola ulilandele manje ngoba sekudlala iBafana”, USimlindile Malunga uthe: “Hlampe ubuqala ukumuzwa bafo, ayikhona. Inkunzi leya ongeke uyithole yenza imidlalo emincane”, UNhlaka Nxumalo uthe: “Ayi ngeke bafo angivumi, uReginald uyabazi abadlali bebhola nebhola ngokunjalo. Angaba umuntu wamancoko kodwa umsebenzi wakhe uyawazi futhi uyawushaya…angikuphikisi okushoyo ukuthi vele singabantu sohlezi sibona ngendlela engafani”.

Njengoba bebemusho abantu kanje naye ubengazibekile phansi ubeziphendulela kubo bonke abebephawula. Okuqaphelekile ukuthi lenkulumo igcine isingenwe nawozakwabo emsakazweni. Kuphawule uJacinta Ngobese owena uhlelo oluphakathi kwehora lesishiyagalolunye (9) nehora leshumi nambili (12:00) emini kwi-Vuma FM. UNgobese uthe: “Chaaa ngiyakuphikisa. UMapensela uyalwenza ucwaningo futhi lana ngikhuluma ngomuntu engimaziyo siqu kanye nomdlandla awufakayo uma enza umsebenzi wakhe. Akasiye nje umsakazi wezemidlalo kodwa ungumdlali kwayena qobo, olaziyo futhi. Lo msakazi wenza izimanga ngeke ungitshele okunye mina, thatha isikhathu umlalele”. Emuva kokuphawula kukaNgobese kube nohide lwabanye abebephawula begxeka uMankini abanye bemeseka.

Phakathi kwalabo abebemeseka kube uMhlengi Josta Dladla oke waba umsakazi wezemidlalo kuGu Youth Radio othe: “Ngayeka ukumlalela mina ngesikhathi kunemidlalo yendebe yomhlaba eQatar, wayelokhu eqamba abadlali amagama ezidlaliso ephinde abatekise ngezibongo zabo kodwa engagxilile ekumemezeleni ibhola. Ngabuye ngaphoxeka nje mangithola ekusakazeni kwakhe ukuthi wayengenalo ulwazi lokuthi u Marcelo Brozovic wase Croatia ogijima esiswini wayedlalela i-Inter Milan ngo-2022.

Akasalanga ngaphandle u-Ayanda Melansi ongumphathi wezinhlelo kuGagasi FM owaziwayo ngokungalali endleleni ongenile naye kule nkulumo wathi: “Ukumthuka uMapensela lokhu, uwena ongaliqondi ibhola futhi vele makunemincintiswano emikhulu izethameli ziba ningi azisali nalezi ezingalazi ibhola”. Abanye abantu bakhale ngokuthi uMankini ubukela phansi ulimi lwesiZulu njengoba ezwakala encoma abasakaza ibhola ngolimi lwabamhlophe kanti abanye bathe bekumele ashintshe ulimi lokusakaza ngoba akekho obemenqabele ukwenza lokho.

Isithombe; Mankini Mgenge

Isithombe: Jacinta Ngobese

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.