Izindaba

Ufunwa Ama-Hawks Umsebenzi Wase Mugg & Bean Owebe R900 000

UPHIKO lwamaphoyisa olubizwa ngama-Hawks luzingela indoda engeyokudabuka eZimbabwe u-Amos Kampiya ngecala lokukhwabanisa nokweba imali engango-R900 000 esitolo sokudla abesebenza kusona e-Kruger Park eMpumalanga. Ngokusho kokhulumela ama-Hawks esifundazweni uKaputeni Dineo Sekgotodi lendoda yenza leli cala ngo-2022 endaweni yokudla ese Kruger National Park eMpumalanga.

“Ama-Hawks eMpumalanga acela usizo emphakathini ukutholiswa lendoda esesithombeni, igama layo u-Amos Tineyi Kampiya ongowokufika ovela eZimbabwe”, kusho uSekgotodi.

Kuthiwa ngesikhathi enza leli cala uKapinya wayesebenza njengomphathi e-Mugg & Bean. Imali okuthiwa wayikhwabanisa esasebenza kulesitolo ngu-R897 229 kanti emuva kwalokho wabe esenyamalala. “Wacingwa endaweni ayaziwa ukuthi uhlala kuyona emsebenzini eKaribo Flats khona eMpumalanga kodwa kazange atholakale”, kusho uSekgotodi.

Isikhulu esiyinhloko yama-Hawks eMpumalanga u-Major General Nicholas Gerber sesiyalele uKapinya ukuthi azilethe yena kulolu phiko ngale kwalokho uyokubona okwabonwa uSawule eDamaseku. uGerber unxuse amalungu omphakathi ukuba abike noma iluphi ulwazi alutholayo ngoKapinya kumphenyi waleli cala uKaputeni Mandla Mphephethe kule nombolo ethi 071 481 3295. Ama-Hawks aqininisekise umphakathi ukuthi lonke ulwazi oluzolethwa mayelana naleli cala luzogcinwa luyimfihlo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.