Wayenoxhaxha Lwezinto Ayengakhetha Kuzo Impumelelo Usomizi Ekukhuleni Kwakhe, Isikole Sasizomubambezela
UMDANSI owaduma kuSarafina kaMbongeni Ngema uSomizi Mhlongo uthi imfundo ayikhulelwa. Ukusho lokhu njengoba esezinhlelweni zokubuyela esikoleni kwazise waphuma enza ibanga lesishiyagalolunye (Grade 9).
USomizi oyijaji ohlelweni lwamathalente i-Idols ukhule eThekwini, KwaZulu-Natali lapho eqale khona imfundo yakhe yamabanga aphansi.
Uzihlanganise ne Sarafina eneminyaka eyishumi nantathu (13) ebidle ngomdanso nomculo ngeminyaka yama-90’s. Leli qembu libe nedumela ngendlela yokuthi beliba namakhonsathi ezweni lonke nangaphandle kwelakuleli nokwakunika abakulona isikhathi esincane sokubhekana nezinye izinhlelo zabo abanazo eceleni, okwaholela ekuphumeni kukaSomizi esikoleni ukuze agxile kulona njengoba kwaphela iminyaka emihlanu (5) bezungeza amazwe nethimba lalo mdlalo.
Muva nje usanda kudalula ukuthi uzobuyela esikoleni. “Ebengifuna ukukwenza ukubhalisela i-higher certificate ezoba unyaka kodwa ngabona ukuthi ngeke ngikwazi ngoba kufanele ngibe sekilasini ngokugcwele kanti mina ngimatasa ngomsebenzi”, kusho uSomizi.
“Okwamanje ngenza izifundo ezi-part time kodwa mangiqeda ngazo ngizobhalisela i-higher certificate. Ngingathanda nokuba ne-degree kwi-fashion design”, kuchaza uSomizi.
Uphinde wabonga abazali bakhe abangasekho bobabili abangazange bemfake ingcindezi ngokuqeda isikole ngesikhathi kucaca ukuthi uchitha isikhathi sakhe esiningi kwezobuciko.
“Ngesikhathi nginitshela ukuthi ngifuna ukuba iciko anizange nithi angiqede umatikuletsheni ukuze ube nento ozobambelela kuyo makuhluleka lokhu kobuciko okuzamayo, ngoba nanikholelwa ephusheni lami njengami” kuphetha yena.