Uyise Womlingisi We Skeem Saam Uvume Ukuthi Wathenga Izinkabi Ezabulala Umkhwekazi Wakhe Nomkakhe
IPHOYISA elingukaputeni uWilliam Manku limangaze bonke abebesenkantolo yaseMagatle, eZebediela eLimpopo ngoLwesine kulalelwe isicelo salo sebheyili ngesikhathi lihlanza iqiniso ukuthi lakhokhela izinkabi ezabulala umkhwekazi walo kanye nomkalo ngelanga elilodwa.
Ngokusho kokhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) uMashudu Malabi-Ndzangi uManku waqasha izinkabi ezimbili ukuba zimbulalele umkhwekazi wakhe kuphela uLettie Maphuthuma owayehlala eMakgophong village eZebediela.
Wazihambisa lezinkabi lapho okwakuhlala khona umkhwekazi wakhe esuka eGoli. Wafike wazikhombisa indlu kamkhwekazi wase ezishiya ukuba zenze umsebenzi yena wabuyela eHhovisi kuwu mhlaka 4 Nhlaba 2021.
Lwabhimba uhlelo olwaludwetshiwe njengoba izinkabi zafonela uManku seziwuqedile umsebenzi zimazisa ukuthi sezibulele abantu besifazane ababili esikhundleni soyedwa. Batshela uManku ukuthi kwabaphoqa ukuthi masebembulele umkhwekazi bephinde bebulale nomkakhe u Gladys Manku ngoba wababona ukuthi bangobani ngesikhathi sebebaleka emuva kokufa kukanina. Babesaba ukuthi uzobampimpa emphakathini bese bebanjwa kalula amaphoyisa.
UManku wanika laba imali yabo ngomsebenzi abase bewenzile. Umkakhe owabulawa ngephutha wayewunina ka-Amanda Manku odlala indawo kaLizzy emdlalweni owuchungechunge ku-SABC 1 i-Skeem Saam.