“Akaphenywa Muntu Umphathi Wo Khozi FM”: SABC
INHLANGANO yokusakaza kuleli i-SABC isichithe imibiko ebisisabalele ebithi imise umphathi wesiteshi Ukhozi FM uSbongi Ngcobo ngezinsolo ezithinta ukukhwabanisa amavoti engoma eyahlukanisa unyaka kulo msakazo. Kubikwe ukuthi izikhulu ze-SABC ezimbili uNada Wotshela no Siphelele Sixaso zibe nomhlangano obushubile nabasakazi boKhozi ukuzwa ngokunganami kwabo kusukela kwamenyezelwa izingoma eziyishumi ezihamba phambili (Top 10).
Ngokwalemibiko kunenhlukano phakathi kwabo abasakazi ngaloludaba njengoba kunabaseka uNgcobo bese kuba khona abangahambisani nendlela enza ngayo ngokuhlungwa kwezingoma ezizohlukanisa unyaka. Ezinye zezinto okukhalwa ngazo uhlelo olungacacile olulandelwayo ukufaka izingoma ku-Top 10.
Kuthiwa kuwona lomhlangano umsebenzi owengamele umnyango womculo uZanda Mthembu uveze ukuthi bona njengethimba elibhekele izinto ezithinta umculo kulomsakazo bavalelwa ngaphandle uma sekukhulunywa ngengoma ehlukanisa unyaka. Uqhubeke wathi ingoma kaKhuzani ethi ‘Umjolo Lowo’ eyahlukanisa unyaka yayisadlale izikhawu ezintathu kuphela kodwa yangena kweziyishumi ezihamba phambili nokuwuphawu lokuntenga kwemigomo kulo mncintiswano.
Esitatimendeni esikhishwe yi-SABC ngoLwesine iveze ukuthi izindaba ezithinta yona ziyokhishwa abantu abaqashelwe ukwenza umsebenzi wokuxhumana nabezindaba kuphela ayi noma ubani ozenza isikhulumi sale nhlangano. ‘USbongi Ngcobo usengumphathi wesiteshi esikhulu kwa-SABC, UKhozi FM asesiphathe ngempumelelo futhi wasizuzela izinto ezinkulu njengoba isiteshi sihlabane ngomklomelo wesiteshi sonyaka ka-2023 kwi-category ye-PBS kuma SA Radio Awards”, kuchaza isitatimende se-SABC.
Le nhlangano ithe uSbongi Ngcobo akaphenywa futhi akamisiwe yi-SABC njengoba sekudunyiswe into engekho. “I-SABC iyazi ngamanga aqanjelwa uNgcobo nawo onke amawongowongo asabalaliswa abantu abazidinelwe izinto zabo”, kuphetha isitatimende se-SABC.