Izindaba

UZandi Uqinise Udadewabo Idolo Ngezinsolo Zokuthenga Izinkabi

UDADEWABO womculi we-Afropop uKelly Khumalo owayethandana noSenzo Meyiwa ngesikhathi ebulawa ngokudutshulwa ekhaya lakubo uZandi Khumalo ubhale ekhasini lika-Facebook ukuthi uKelly njengawo wonke umuntu naye uyafuna ukuthi ababulali bendoda yakhe bebanjwe futhi bejeze ngesenzo sabo.

Icala likaMeyiwa liyaqhubeka enkantolo enkulu ePitoli lapho iphoyisa eliwumphenyi wecala lethula khona ubufakazi. Kulobufakazi obushaqisayo obethulwa uBrigadier Bongani Gininda kuvela ukuthi uKelly uyena owayengungqondongqondo owayexhumana nababulali ngaphambi kwalesigameko sokubulawa kwalo nozinti owayedlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana esenzeka e-Vosloorus mhlaka 26 Mfumfu 2014. Okunye okuvelile ukuthi kunesithombe esivela ocingweni lomunye wabasolwa esivelayo nasocingweni luka Kelly. Konke lobu bufakazi buguqula sonke isimo saleli cala futhi kwenza uKelly abe umsolwa oqavile.

UZandi ubhale ekhasini lakhe eqinisekisa udadewabo ukuthi uzoma naye. “Mina ngiyoma nawe ingunaphakade ngoba ngiyayazi inhliziyo yakho futhi ngiyazi no Senzo umi nawe lapho ekhona…uyazi-ke thina singamabhubesi asizikhathazi ngemibono yezimvu”.

“Bonke laba abakade bengibhalela imiyalezo bebuza ukuthi ukahle kodwa? Ningakhathazeki uphila njengosheleni futhi naye njengaye wonke umuntu uyafuna ukuthi ababulali bebanjwe futhi bajeze. Kuzokwenzeka futhi sekuseduze. Nginitshela konke lokhu ngoba ngiyazi ukuthi niyamthanda, manje angifuni ukuthi nikhathazeke. Khululekani nje isazokhala ingoma kwaKhumalo”, kuphetha uZandie

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.