Izindaba

Uboshiwe (17) Oqothe Umndeni

Kuboshwe owesilisa oneminyaka eyishumi nesikhombisa (17) eMokwane Village eQwaqwa. Kubikwa ukuth lona uqothe umndeni wakhe wawuqeda. Uqale ngokudubula usingababa wakhe (stepfather) oneminyaka engamashumi ayisithupha nanye (61), wase elandela ngonina omzalayo oneminyaka engamashumi amane nanye (41). Emuva kwalokho ube esedonsa ifosholo wagqema ngalo umfowabo oneminyaka emihlanu (5) waze washona. Abaziyo bathi wenza konke lokhu nje vele usanda kuphuma ejele lapho ehlale khona izinsukwana ngecala lokuphihliza amafasitela endlini yakwabo.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com