I-International Court of Justice (ICJ) kuzothi ngoLwesihlanu ikhiphe isahlulelo ngecala elafakwa kuyo iNingizimu Afrika imangalela izwe lakwa-Israel ngamacala okubulala nokuhlukunyezwa kwabantu base Palestine. Leli cala laqulwa mhlaka 11-12 Masingana 2024 kule nkantolo eseHague eNetherlands.