UDJ Skhokho Uthi Kusazoba Mnandi EMandeni
UTHEMBISA ukuthi unyaka ka-2024 kuzoba ngowobumnandi eMandeni u DJ Skhokho osezakhele udumo ngokuhlela imicimbi kulendawo. Lo DJ ogama lakhe langempela uSiyanda Mthethwa uthi uhlela ukunyusa izinga lemicimbi ayihlelayo okuyi Winter Festival ne Pens Down.
Okunye athe usezinhlelweni zakho ukuqala inkampani yakhe ezobizwa ngeSkhokho Events Project okuyiyo esizohlela imicimbi yakhe njengoba esikhathini esiphambili ubesebenzisana nabanye abahleli. Le nkampani izophinde iqashise nge-sound nange-stage.
Kuzothi ngoMashi nonyaka azwakale emisakazweni iGagasi FM neSiyathuthuka FM lapho ezobe eklwebha khona amapuleti ngezimpelasonto. Njengamanje kunolozolo lwe-EP ezophuma maduze ayenza no DJ Mdubane, DJ Swiss, DJ Cargo, uMfana kaMama nabanye.
Imicimbi ebe impumelelo kwayihlelayo uDJ Skhokho owezithandani oba minyaka yonke nge-Valentine’s Day nowentsha oba ngoJuni 16. Ubuye asebenze nabahleli abenza imicimbi emikhulu eMandeni i-Mandeni Home Coming Picnic ne Thokoza Street Shutdown yomibili eba ngoDisemba.
Ngaphezu kwalokho kunomncintiswano wezibhengane awenza zonke izinyanga obizwa ngeMandeni Dance Competition lapho kuhlungwa khona abadansi ezindaweni ezihlukene bese bencintisana kowamanqamu. Lo DJ uyatholakala ku Facebook [Syanda Skhokho], Instagram [Syanda Da Mthethwa], Twitter [DJ Skhokho SA] noma enombolweni ethi: 0713948672.