Khona Okusina Kumjeqeza U-Kelly Khumalo
Abasolwa ababili ababhekene necala lokubulawa kuka Senzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana bathi umculi we-Afro-pop uKelly Khumalo nguye owahlela ukubulawa kwalomdlali. I-affidavit efungelwe eyasayinwa yilaba basolwa ivezwe umseshi uBongani Gininda yafundwa enkantolo enkulu ePitoli namuhla. Icala liyaqhubeka.