Indida Ngemiphumela Ka-100% EBambazi, Abanye Abafundi Abazitholanga Izitatimende
KUSALOKHU kuyindida okwenzeke esikoleni iBambazi High School esikwaZulu-Natali njengoba ngesikhathi kuphuma imiphumela kamatikuletsheni kuvele ukuthi sithole u-100% kodwa kuthe sekufika izitatimende kwatholakala ukuthi bathathu (3) kuphela abafundi abazitholayo kanti zibanjiwe ezabayikhulu neshumi nantathu (113) okusolwa ukuthi bakopelana.
Lokhu kokukopela kuthiwa kubonakale ngokuthi uma kunempendulo engashayi esikhonkosini bayibhede bonke futhi bayibhale ngendlela efanayo nokube sekuba nezinsolo zokuthi kube nokukopelana kanti uMnyango usazokuphenya lokho njengoba ngoLwesihlanu labafundi bezoya esigcawini somnyango esiphenyayo.
Okunye okuvelile ukuthi abafundi balesikole abebefunda umatikuletsheni bebeyikhulu neshumi nesithupha (116) kwase kuthi abayikhulu neshumi nantathu (113) bangabhaliswa njengabazovivinywa ngenxa yokuthi bebengakaze baphumelele kuwo onke ama-term. Babe sebecelwa ukuthi bebhale izifundo ezimbalwa kuthi ezinye bazibhale onyakeni olandelayo bese behlanganisa kuphume isitifiketi esisodwa.
Ngokomnyango wezeMfundo bathathu (3) kuphela abafundi abebezobhala umatikuletsheni kulesikole futhi baphase bonke ingakho sithole u-100%.