EZISEMATHENIIzindaba

Okushaqisayo Ngomsebenzi Kahulumeni Obulewe EMandeni Mall

ABAZIYO bathi kuyoba kancane ukufa kwakhe kungaxhumene nobudlelwane abenabo nalowo ayeshade naye. UMKHAYA uke wabika ngomuntu obulawe ngokudutshulwa eMall yaseMandeni ngeSonto emini. Ngokuthola koMKHAYA ngelanga lesigameko kuthiwa umufi wahilizisana nomunye umlisa kubangwa ukungenelana kulayini wasebhange i-Capitec kuyona leMall.

Emuva kwalokho UMKHAYA ube usuthola ngemithombo yawo ukuthi umufi ubengumsebenzi eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi eHhovisi eliseMandeni futhi ushadelwe ngo-2017. “Laba bantu bashade la ko-2017. Usisi wangenwa kakhulu indaba yezidakamizwa, ubeke eshiye indoda endlini eyophuza. Emuva kwalokho wathutha endlini wayoqasha washiya indoda nezingane, yazama indoda ukumbuyisa imlanda nala ayeqashe khona kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Bese bahamba izinkantolo nalo sisi owusonhlalakahle, ethi lendoda iyamhlukumeza uma imlanda ematshwaleni ebusuku. Lendoda inabo bonke ubufakazi njengoba inane-video losisi enza ucansi emotweni endaweni yokujuxuza ebizwa nge-The Site khona eMandeni”, kusho umthombo.

Umthombo uqhubeke wasibikela ukuthi kudala umufi ezama ukulungisa izinto phakathi kwakhe nobengunkosikazi wakhe kodwa kungalungi lutho. Nasemsebenzini belwaziwa lolu daba njengoba luke lwaxoxwa nakhona kwazise nalo wesifazane usebenza kuwo loMnyango eHhovisi elikwaDukuza.

UMKHAYA ubuye wancizwa omunye umthombo owazi uhlangothi oluhlukile ngalolu daba. “Ngiyazisaba izindaba zabantu futhi bengingekho e-mall kodwa laba abathi umufi uyena osukele odubulile, emshaya wabaleka kwaze kwaba uyawa kwawa nesbhamu wabe eseyamdubula ngiyabakholwa ngoba lo bhuti ubeyisiqhwaga egabe ngokuba no-‘connection’ ethi akaboshwa yena”, kuchaza umthombo

“Washaya umngani kankosikazi wakhe wacishe wambulala namanje ingalo yakhe ayisebenzi kahle, akaboshwanga wakhokha i-fine namanje asazi kanjani. Unkosikazi wakhe wayemshaya ebukisa ngaye noma nini noma kuphi. Ubulawa nje bese bahlukana kudala kodwa. Kushuthi ubenza yona lento yakhe yokuthi noma ubani amufica ehamba nowayewu mkakhe ubemulwisa”, kuphetha umthombo.

Emuva kwalesi gameko sokudubula kubulawe lomsebenzi kaHulumeni umbulali uziyise emaphoyiseni.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.