Kuvalwe I-Havana Yodumo Lobumnandi EThekwini
ABAPHATHI bendawo yobumnandi iHavana Music Lounge sebekhiphe isitatimende bememezela ukuthi lendawo endala eThekwini iyavala. Lendawo esenkabeni yedolobha emgwaqeni u-Monty Naicker idume ngokuheha abantu abathanda isitayela nosaziwayo. Ike yaphathwa ngumsakazi weMetro FM u-Ishmael Abrahams owagqama emsakazweni eseku P4 Radio eseyaba iGagasi FM. Esitatimendeni akuchazwangwa ukuthi iHavana izothuthela kwenye indawo noma sekuwukuphela kwayo.