EZISEMATHENIIzindaba

Kuphazamiseke Inkulumo Ka Ngizwe Mchunu Kutheleka Iziqhwaga

UTHOLE impama ekuqaleni kwayo nje inkulumo yakhe uNgizwe Mchunu abethe uzoyenza ngoLwesibili eMoses Mabhida Stadium mayelana nomcimbi we-EFF ongomhlaka-10 Febhuwari wokuthulwa kwezethembiso zokhethu luka-2024. Uthe esahasha amakhosi asendlunkulu asakhothama kwatheleka izinsizwa endlini abekhuluma kuyo azabuza lutho zamdabula ngombayimbayi wempama kwaphenduka amatafula, kwamibhobho le abekhuluma ngayo yasakazeka indawo yonke. Kuvelile namuhla ukuthi uhlale eshinga intengekho uMchunu ozibiza ngomengameli wamabhinca.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.