UMagashule Ecaleni Lokushaya
Usevulelwe icala lokushaya umholi we-African Congress for Transformation (ACT) u-Ace Magashule kanye nabaqaphi bakhe ababili. Kuthiwa laba bebehamba ngezimoto ebezishaye ujenge benika abantu ebebebukela emgwaqeni izikibha zaleli qembu. Babe sebephosela lona ovule icala wasinqaka wase ememeza ethi “ningijwayela kabi”.
Kuthiwa uqhubeke wathi bamjwayezwa ubani bona laba, akayigqoki into angayazi yena qede wasijwiba isikibha esibuyisela emotweni saqonda ngqo ebusweni bukaMagashule odinwe kwangathi uthelwe ngezibonkolo. Abambonile bathi wehle emotweni wayogadla kulo ovule icala nabaqaphi bakhe basondela bezomsiza. Amaphoyisa ase-Free State asasiphenya lesigameko esenzeke ngempelasonto