Izindaba

ESikhaleni SeNkosi UCetshwayo

UMKHANDLU kaMasipala wesifunda i-King Cetshwayo ukhumbula impi yaseSandlwana nomlando weSilo sasoNdini, uCetshwayo njengoba namhlanje lomkhandlu uthathe uhambo oluvakashela izigcina magugu zesiFunda eziyinqopha mlando yeSilo.

Indawo yokuqala kube ise Port Dunford esikhaleni senkosi, nokuyilapho iNkosi uCetshwayo kaMpande eyagibela khona umkhumbi owawubizwa ngokuthi yi “Natal” eyisiboshwa mhlaka 4 September 1879.

Ngokusho kombhalo,INkosi yadingiswa eNqabeni yaseKapa ngesivumelwano sasoNdini somhlaka 1 September 1879 okwaqedwa ngaso impi kaZulu namaNgisi nokwalandelwa isikhathi esinzima embusweni waKwaZulu.

Umthombo: Thami Ntuli/Facebook

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com