Usomahlaya Ukhala Ngempakamo Kumajaji E-Black Brain Pictures
OWAYENGUMSAKAZI emsakazweni womphakathi i-Radio Khwezi enamahhovisi eKranskop, uSimthande “MakaThangithini” Myeza (osesithombeni) usegxeke amajaji abehlunga kwinhlolakhono yabalingisi bemidlalo kamabonakude ebingempelasonto eBat Centre. Lenhlolakhona ibisingethwe i-Black Brain Pictures kaMandla N owumqondisi nomkhiqizi odumile wemidlalo kamabonakude obuye abe umlingisi.
Kule nhlolakhono bekufuneka abalingisi abakhuluma IsiZulu futhi abaneminyaka ephakathi kwamashumi amathathu nanhlanu (35) nabaneminyaka engamashumi amahlanu nanhlanu (55).
Okukhalisa kakhulu uMyeza [osengusomahlaya othandwayo] ngalenhlolakhono ukungabi nesineke kwamajaji abebuza imibuzo. “Ngicela ukubuza ukuthi ngimubi kakhulu yini? Okwenza ijaji lithi lingakangibuzi kwambuzo livele lithi “siyabonga, akuze omunye” lingabuzanga lutho.
“Ngike ngiye kwizinhlolakhono futhi ngihluleke kodwa okwalena ebise Bat Centre ibihlukile ngoba amajaji abengenasineke” kusho uMyeza. “Angisho mina ukuthi bekumele bengithathe mina nabanye ebesinabo kodwa indlela abebephethe ngayo abantu ayibanga nobuntu”, kuqhuba yena.
Ijaji okuphunywe nalo iqhubu okuthiwa beliqhuba intwala ngewisa uNompilo Mwelase (osesithombeni) olingisa emdlalweni owuchungechunge ku SABC 1 i-Skeem Saam kanti uphinde abe umqondisi wemidlalo ye-TV. Kuthiwa uyena lo obevele abuke abantu emehlweni angababuzi lutho bese ethi uyabonga akuze omunye.