ABANTU

UNgizwe Mchunu Ukhalinywa Abadala

ISILO samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini sesiphawule okokuqala ngokuziphatha kukaNgizwe Mchunu oshingayo. UMchunu ukhulume ngoLwesithathu eseGoli kwaMai-Mai ethi uyafunga uyagomela ukuthi uMnuz. Julius Malema ongumengameli we-EFF uyofika efile yena lapha kwaZulu ukuzothula umkhankaso weqembu lakhe wokhetho. Kuyaqapheleka ukuthi sebeyanda abantu abaziphathisa okwezibonda esizweni sakwaZulu kube kukhona indlu enkulu eyisiqalo nesiphetho ekukhulumeni izindaba zesizwe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu phambilini uke wakhwela wazehlela kuMalema ethi akukhona eSeshego lana kwaZulu, abantu bakwaZulu bezwa yena ngakho uMalema akabize amaShangane angakubo eLimpopo akhulume nawo. Waze wathi uma befuna ukukhuluma namaZulu abasho kuyena ukuthi bafuna ukuwabonelani futhi bazothini kuwona.

Ugxekiwe uMchunu ngalenkulumo yakhe egovuza impi yobuhlanga. I-EFF ize yafaka isikhalo egaraji lezimoto i-JAC Motors ebinike uMchunu imoto ngoba eyinxusa layo. Leli garaji libe selenza isitatimende liziqhelanisa nenkulumo kaMchunu labika nokuthi lizombhalela incwadi licele abuyise imoto yalo. Nakhu-ke esephinde enza isifungo kwaMai-Mai ekakwe uPhikelumthakathi noMtebhosha.

Nokho Isilo samaBandla sesithe kame eceleni angaxovi izizwe zihlezi ngokuthula. I-EFF izokwethula umkhankaso wayo wokhetho ngomhlaka 10 Febhuwari nonyaka eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.