Izindaba

Umengameli Cyril Ramaphosa Ugculisekile Ngezethulo Ku-ICJ

UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnuz. Cyril Ramaphosa uthi unelisekile ngezethulo ezenziwe ithimba labameli bakuleli abebezenza ngoLwesine enkantolo yezobulungiswa emhlabeni i-International Court of Justice (ICJ). Leli thimba labameli liholwa ungqongqoshe wezobulungiswa uMnuz Ronald Lamola. URamaphosa uthe uyaziqhenya kakhulu ngaleli thimba futhi uyakholwa ukuthi amaphuzu abekwe phambi kwamajaji kulenkantolo eseHague eNetherlands azoletha umphumela omuhle ngalempi ephakathi kwezwe lakwa-Israel nelase Palestine. Kwamanye amaphuzu abekwe elakuleli ukuthi i-Israel ayilwi nje kuphela nezihonga zasePalestine iHamas kepha ilwa nabobonke abantu bakhona abangenamandla okuzilwela nokuzivikela ngakho kunesidingo sokuba kuvikelwe abantu basePalestine.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.