Izindaba

Uhlulwe Amanzi Waminza Esizibeni Esavulwa Abe-RBM

KUMINZE owesilisa oneminyaka engamashumi amabili nanye (21) ubudala endaweni yaseLanjini kwaMbonambi okusolakala ukuthi ubebhukuda endaweni eyambiwa yimboni yensimbi i-RBM eminyakeni eyedlule kusetshenzwa yagcina iphenduka isiziba. Kuthiwa uVusumuzi Mbuyazi ubekade ebhukuda kanye nabanye abafana basendaweni ngoLwesithathu ngesikhathi ehlulwa ngamanzi wagcina ephangalele. Umndeni namalungu omphakathi, bathi inkampani yakwa-RBM kumele iyivale le ndawo ingaze idale omunye umonakalo, ikakhulukazi njengoba kunezinye izindawo eziyizungezile ezinobungozi obufanayo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.