Kuhoxa Abaxhasi Kuma Sebenza Women Awards Ka Kini Shandu
IZINKAMPANI ezimbili ebezixhase iSebenza Women Awards sezihoxise uxhaso lwazo. I-SMG (BMW) Umhlanga and Oceans Mall sebephumele obala bahoxa njengabaxhasi kulo mcimbi oba minyaka yonke onenhloso yokuhlonipha iqhaza labesifazane emikhakheni ehlukene yempilo. Lokhu kulandela inkulumo eyenziwa umsunguli walama-awards uKini Shandu eyayehlisa isithunzi sabesifazane.
UShandu wabhala ekhasini lakhe ku Facebook ukuthi abesifazane abanezingane ezimbili kuyaphezulu bayichilo kabafanele ukulotsholwa futhi kakukho muzi abangawakha. Lokhu kususe omkhulu umsindo ezinkundleni zokuxhumana abesifazane abazele beziphendulela kuShandu.
UMongezi Tembe oyi-Corporate Sales Manager kwa BMW Umhlanga uthe akusekho okuzobahlanganisa noShandu. “Sesixhase lomcimbi iminyaka emihlanu yonke futhi ubulokhu uba impumelelo. Lona umqondo kaShandu, waqhamuka nesiphakamiso esihle sasithanda. Ibhizinisi lezimoto ligcwele abantu abaningi besilisa ngalokho sakubona kuyiso elihle ukubamba iqhaza ukuthwala izindleko zokuya nokubuya kwabesifazane kulo mcimbi”, kusho uMongezi.
“Kodwa ngaphansi kwesimo esinje angeke sizihlanganise nomuntu noma igama elehlisa isithunzi sabesifazane nanoma ubani omunye umuntu. Sihlonipha umthethosisekelo wezwe onika abantu bonke isithunzi. Sizoqhubeka seseke imiqondo etusa igalelo labesifazane kodwa hhayi ozoqhamuka noShandu,” kuchaza uMongezi.
Oyi-Marketing Manager e-Oceans Mall, uFara Hamid uthe: “I-Radisson Blu ayisekusebenzisana nabeSebenza Women’s Awards. UBrian Mpono oyi-CEO ye-Oceans Mall, ubevame ukukhuluma emcimbini weSebenza Women Awards njengoba bekunokusebenzisana okuhle nalenkampani engabanikazi behhotela likanokusho eliseMhlanga nokuyinto engeke isenzeka.
Umthombo: Zama Nteyi