EZISEMATHENIIzindaba

Ijamelene Ku-MK Party Ngobulungu Ku-ANC

ILOKHU ivele njalo imibuzo kubalandeli beqembu elisanda kusungulwa i MK Party ngobulungu kubaholi bayo okuthiwa abasulile ku-ANC. Le mibuzo iqale izolo emuva kwenkulumo kaNobhala obambile uGeneral Thanduxolo Dyodo obekhuluma emsakazweni wesiZulu Ukhozi FM ngoLwesithathu ohlelweni ‘Abasiki Bebunda’.

Kuma-group ka-WhatsApp aleli qembu ezifundeni eziningi amalungu afuna ukucaciselwa ukuthi ngabe ithini into yobudlelwane phakathi kweqembu labo ne-ANC. Lokhu kudalwa ukuthi ngesikhathi ekhuluma emsakazweni uDyolo uveze ukuthi yena usenobulungu ku-ANC.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi owayengumengameli we-ANC uMnuz. Jacob Zuma ethula inkulumo yokwazisa ngaleli qembu kubantu nokuthi uzolikhankasela okhethweni wathi yena useyilungu likaKhongolose futhi kasoze ayishiya, waphinde waveza ukuthi inhloso yabo enkulu ukuyisindisa. Okuthimulisa amakhala ngalezinkulumo zalabaholi ukuthi alicaci uhlelo abakhuluma ngalo lokusindisa i-ANC nokwenza kube nongabazane ngezinhloso zabo.

Omunye umlandeli kwenye yama-group uphakamise ukuba akhishwe uDyodo ekubeni uNobhala obambile kutholakale umuntu okhaliphile nozokwazi ukuphendula into ezwakalayo mayebuzwa izintatheli. Omunye umlandeli uthe kuzoba nzima ukulandela into enabaholi abangenalo iqiniso, kakhulu njengoba sesingasayifuni nje i-ANC kuyaxaka ukulokhu bezwakala bethi bona basengamalungu ayo kodwa ngapha bathi thina asijoyine i-MK Party.

Izinkulumo zalabaholi be-MK Party zenza kube nezinsolo eziqinile ukuthi kunezingxoxo ezishubile ezibanjwayo ekucasheni nabaholi abangaphakathi ku-ANC ngohlelo lokusindisa leli qembu ukuthi lingaphumi emandleni kuHulumeni emuva kokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe nonyaka. Kunokuqagula ukuthi emuva kokhetho onke amavoti e-MK Party azothathwa ahlanganiswe nawe-ANC bese leli qembu elibusayo liqhubeka nokuqhoqhobala izintambo zombuso. Ayikho enye indlela okungasindiswa ngayo i-ANC ukudlula leyo.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.