UMbalula Uthi Yena Kahlali Nodoti Esifubeni Wakhahlelwa Ihhashi
UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz. Fikile Mbalula uthi konke akushilo yena ngodaba lwaseNkandla bekuyiqiniso akazi ukuthi owani umsindo. Laba abathi ungoNobhala oyisiginqathuzi bafuna abe nguNobhala onamanga. Usho kanje ekhuluma noSiphamandla Goge we-eNCA ngoLwesithathu.
UMbalula ucashunwe ekhuluma namalungu e-ANC eMpumalanga lapho leli qembu lizoba nombuthano wenkulumo ebizwa nge January 8 Statement ngoMgqibelo. Ube esengena odabeni lalowo owayengumengameli we-ANC uMnuz. Jacob Zuma njengoba esezimatanisa neqembu elisanda kusungulwa i-MK Party.
UMbalula uthe noma engahamba ekhuluma kabi nge-ANC uZuma kodwa yona kuningi emenzele khona njengoba kwadingeka ukuba iqambe amanga ngomuzi wakhe oseNkandla kuthiwe idamu lokubhukuda (swimming pool) yi-water pool esiza ukucisha umlilo ezimeni eziphuthumayo.
Ukhuluma kanjena nje uNobhala Jikelele we-ANC uphinde wagxekwa uSihlalo walenhlangano uMnuz. Gwede Mantashe ethi lento ayishilo beyingenasidingo ngoba udaba lwaseNkandla lwasetshenzwa kwadlulwa kulona. UMantashe ubekhuluma ephendula umbuzo wentatheli ye-SABC uSamkele Maseko khona eMpumalanga.