Izindaba

Kuphinde Kwabulawa Omunye Usomatekisi KwaMashu

Kubulawe usomatekisi elokishini lakwaKwaMashu eThekwini ngoLwesibili ebusuku. Losomatekisi ubulawe epake eduze kwesitolo sakhe esikulona lelilokishi lezimanga. Kuthiwa oshayasbhamu abebehlome njengamasosha badubule losomatekisi ngentululwane yezinhlamvu enye yadubula ngephutha owesifazane obezidlulela washona khona lapho. Kunomunye owesilisa obeseduze naye udubulekile kodwa akathintekanga endaweni embi wabe esephuthunyiswa esibhedlela esiseduze ukuze elashwe.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com