ABANTU

Usinde Ekufeni Obekuthiwa Webe I-Plasma

ISIGAMEKO esibuhlungu esenzeke eGoli. Lo mlisa osesithombeni utholakale nomabonakude omkhulu obizwa nge-plasma. Kube sekubizwa umphakathi ukuze kuvele ukuthi akekho yini olahlekelwe iyona. Abantu bonke bebeyilandula. Kube sekuqala isibhaxu nesimbombombo kuthiwa akasho lapho ayintshontshe khona. Elokhu esho njalo ukuthi uyicoshile yena le-TV. Kwale noma esecela ukuyobakhombisa lapho ayicoshe khona kwathiwa: “tseki skhotheni”. Wonke umuntu nodlulayo bebenzela, abanye befuna izinto zabo ezalahleka kudala.

Kube sekuthunywa abanye khona lapho ukuthi beyothenga umentshisi nophethiloli ukuze ashiswe. Wahlayeni waqhamuka umnikazi we-plasma washo futhi ukuthi bekungeyakhe kodwa wayilahla ngoba ishiswe ukubuya kukagesi ngamandla owawuhanjiswe ucimi okhona ezweni lonke kanti omakhenika bamtshela ukuthi angeke isakhandeka. Lomlisa otholakale nayo le-plasma uwumuntu ojwayele ukuzicingela izinsimbi ezilahliwe azidayise.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com