UKhuzani Usenikele Koshiselwe Indlu Wagwazwa Ngenxa Yakhe
UMCULI kaMaskandi uKhuzani usenikele ngemali engu-R20 000 ensizweni esanda kuvela ezindabeni kubikwa ukuthi yagencwa enye ngesizathu sokuthi yadlala ingoma yakhe ethi ‘Umjolo Lowo’ esanda kuhlukanisa unyaka OKhozini FM. USiyabonga Gumede waseDukuduku eMtubatuba wagencwa umakhelwane wakhe wase eshisa nendlu yakhe ngesimanga sokuthi ubize insizwa yaseMandaba (uKhuzani) ngengqwele. Abanye abanikele uJumbo ofake uR10 000 kanye nabalandeli bakaKhuzani abahlanqanise imali ewu-R30 000 ukuze kusizakale lensizwa ikwazi ukuvuka izicoshe, kanti uMasipala uthembise ukuthi uzoyakhela indlu.