Imibono

Abasendlunkulu KaZulu Babambeke Embangweni, Ingakho Noma Ubani Usezibona Eyigosa Lezimiso Zesizwe

KULELISONTO sekucacile ukuthi udaba olusematheni ilolu lukaKini Shandu oke waba umsakazi kuGagasi FM nomethuli we-Daily Thetha ku-SABC 1 no Xolani Mcineka wodumo lomcimbi kaMaskandi iMpucuzeko. Laba basolwa ngokubukela phansi abesifazane emuva kwezinkulumo abazifake emakhasini abo ka Facebook.

Kuqale uMcineka wathi abesifazane abashadile futhi abazihloniphayo abanalo ilungelo lokucela ucansi kubayeni babo. Lenkulumo yakhe ubeyenza ngaphansi kwesihloko esithi ‘Isintu sithi’, nokuyilapho kuqale khona ukukhuluma. Ube esenanela uShandu ngaphansi kwesihloko esifanayo ethi abesifazane asebezele izingane zaze zaba mbili emakubo kabafanele ukulotsholwa bayichilo kabanakuvusa muzi.

Bobabili laba bagxekiwe ngokufunza abantu imicabango nezinkolelo zabo egameni lesintu nemithetho yesizwe. Umbuzo esiwubuzayo ngothi kuyaqala yini ukuba umuntu abe nombono ngezihloko ezithile ekuhlaleni nakhona ezinkundleni zokuxhumana? Siyazi ukuthi akuqali, okwenza kube nenkulumo-mpikiswano engaka uma sekuyilaba ukuthi basemehlweni omphakathi futhi balandelwa zinkumbi njengoba kunemisebenzi abayenzayo eheha abantu. Into eyinkinga lana yikuthi ngokwesintu nangokwemikhuba yesizwe laba banamaphi amava okuba bengakhuluma ngokulandelwa kwemithetho yesizwe nangesiko?

Sekujwayekile ukuthi kube nabantu abakhuluma noma yini esidlangalaleni bese bethi lokhu bakwenza egameni lesizwe noma bamele ukugcinwa komthetho nemikhuba yesintu. Ukuba nombono ngodaba oluthile akuyona inkinga kepha okungafanele ukuba umuntu azenze igosa lokugcinwa kwemithetho yesizwe kube kungaziwa ukuthi unasiphi isikhundla endlunkulu noma esizweni esiphathelene nalokho.

Muva nje kusanda kuzwakala uNgizwe Mchunu esina ezibethela kumholi we-EFF uMnuz. Julius Malema, embiza ngeShangane futhi emuvimba ukuba azokwenza inkulumo yeqembu lakhe esifundazweni saKwaZulu-Natali ngoba ethi “kukwaZulu lana abantu bezwa thina”. Manje umbuzo okhona ngothi yena uMchunu unasiphi isikhundla esizweni njengoba esezibona enegunya lokukhuluma njengomuntu omele sona. Uyanda lomkhuba futhi uma ungavinjwa kuzogcina sekusuka uhlanya emgwaqeni lwenze inkulumo bese luthi lumele isizwe noma lugcizelela ukwenziwa kwesintu nemikhuba yesizwe.

Lolu daba esikhuluma ngalo akulona olwepolitiki kodwa yona-ke inawo umkhuba wokugxambukela ezintweni ezenziwayo nezikhulunywayo. Izolo sibone isitatimende ebesikhishwe iqembu lentsha ye-IFP, i-IFPYB ebesizwakala njengesivikela uShandu ogcine eseyimvu yomhlatshelo kulona lonke lolu daba. Lapha i-IFPYB ibalule izinto ezimqoka ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elibuswa ngokwentando yeningi ngakho umuntu nomuntu unelungelo elivikelwe lokubeka umbono nganoma ngani ngokukhululeka. Yase inxusa ukuba abantu behlise umoya bamukele uxolo lukaShandu. Lapho esibona ukuthi iyilahle khona kungesikhathi ithi izothathela izinyathelo bonke laba abakhulume izinto ezehlisa isithunzi sikaShandu.

UMKHAYA ukholwa ukuthi lokhu kuyijoka likaShandu okuwuyena obekukhulunywa ngaye. UShandu kanasikhundla kuleli qembu esisaziyo futhi ngesikhathi ebhala lenkulumo yakhe ubengamele iqembu, ngakho akukho esikutholayo okungenza iqembu libone kunesidingo ukuba lenze umsebenzi wokulungisa izinkinga zakhe azifake yena kuzo futhi ezingalithinti lona. Abaholi beqembu bengameseka ngokwabo phaqa kungangeni lonke iqembu kulokho ngoba abesifazane abakulo kungenzeka bebe nombono ohlukile ngodaba lukaShandu njengoba inkulumo ibimayelana nabo. Sisabhekile ukuthi izimpiko zabesifazane kuwona wonke amaqembu epolitiki zizophawula zithini.

Okusisusile-ke size sibhale lolu daba ukubona kunenkulumo-mpikiswano engaka esizweni ethinta imikhuba yokuphila, isintu nokugcinwa kwemithetho yesizwe kepha abayizibonda zomthetho wesizwe bethule. Ngaphezu kwalokho kababoni kunesidingo sokuqhamuka nomhlahlandlela okhuluma ngokuyikho ukuze kube nokuqonda ukuthi ikuphi okuyiqiniso nokungamanga. Lapha kwaZulu bakhona abaphathi besiko nemithetho okungamakhosi ezizwe kanye nendlunkulu yonke yesizwe. Ilezikhathi ezifana nazo lezi lapho kufanele kubonakale iqhaza lamakhosi kanye nabobonke ubuholi bendabuko. Lendaba yonke ithinta bona ngqo.

Okubi yikuthi abasendlunkulu kaZulu bona basembangweni wesihlalo nokuyiwo osemqoka kubona okwamanje okunye kulandela ngemuva. Lapha kuMKHAYA besishweleza kwabadala esizweni ukuba kabalamule nansi impi yomlomo esihlukanise abantu phakathi. Ake kukhanyiselwe isizwe ukuthi kulezi nkulumo ikuphi okuyisintu ngempela. Sikholwa ukuthi ithuba lokufundisa abantu besizwe ilo leli. Uma sekukhulunyiwe okuyiqiniso ngendlela enesithunzi izophela yonke lento yokubukana kabi nokuqophisana.

Nabezindaba baneqhaza elikhulu abangalidlala ngalesikhathi kunokubika nje okwejwayelekile. Nathi kuMKHAYA sithe asibe nombono ngalolu daba, siyethemba ukuthi uzofika ngendlela ebesiyifisa kulabo obheke kubona.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.