Usexolisile Owama-Sebenza Women Awards Ngenkulumo Ehlaza Abesifazane Abazala Emakhaya
EMVA komsindo osuke ezinkundleni zokuxhumana ngempelasonto usehoshe imfe waxolisa uKini Shandu kwabesifazane ngenkulumo yakhe lapho abenanela khona enye inkulumo ka Xolani Mcineka wodumo lokuxhasa nokwenza imicimbi yaMaskandi. Lomsindo uqale ngoMgqibelo ngesikhathi uMcineka ebhala ekhasini lakhe ku Facebook ukuthi abesifazane abashadile akumele befune ucansi kubayeni babo nokube isiqalo sengxoxo ende. Lokhu ubekukhuluma ngaphansi kwesihloko esithi ‘Isintu sithi’.
Emuva kwalokho uShandu ube esenza eyakhe inkulumo ngaphansi kwesihloko esifanayo, yena-ke ethi abesifazane abazalela emakhaya akubo izingane zize zibe mbili bayihlazo futhi abakufanele ukulotsholwa amadoda asazimisele ngokuvusa imizi yoyise. Nalapho kusuke isidumo abesifazane abazele emakubo bemtata. Abanye bekhuluma ngezimfihlo zakhe zangesese njengoba omunye wabo wake walala naye embhedeni, kanti ubebelesele ngokuthi angaphaphi uShandu nenduku engavuki eyisibindi.
Lendaba igcine ingenwa uJacinta Ngobese osakaza kuVuma FM naye obebhilitile ecikwa izinkulumo zikaMcineka noShandu. UJacinta uke wanqoba umklomelo we-Social Media Influencer of the Year kuma Sebenza Women Awards ahlelwa uShandu minyaka yonke. Lama awards anenhloso yokuqhakambisa igalelo labesifazane emikhakheni ehlukene.
Exolisa uShandu uthe: “kubobonke abesifazane abathinteke kabi ngamazwi ami ngifisa ukuxolisa kakhulu. Ngiyawazi umonakalo ongenziwa amagama akhulunywe budedengu futhi ngiyakwamukela ukugxekwa ngenxa yenkulumo yami”
“Ngiyafisa ukukucacisa ukuthi inkulumo engiyenzile ayimele nqo izinto engikholelwa kuzona, ukuhlonipheka nokwazisa abesifazane enginakho. Ngiyazi inkulumo yami izobukeka imelene nemisebenzi nesithombe engisakhile ngemisebenzi engiyenzela abesifazane, ngiyaxolisa kakhulu”,
Lokhu okwenzeka manje kuyasikhumbuza ukuthi noma ngabe siyancokola kepha kufanele siwaqaphele amagama esiwakhipha emlonyeni” kuphetha uShandu.