Izindaba

Ziboshiwe Izithandani Ezitholakale Nezingane Ebezilahlekile

IZITHANDANI zaseZimbabwe okungo Grace Gumbo oneminyaka engamashumi amabili nesithupha (26) no Mercy Tsoko oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili (28) baboshiwe emuva kokuntshontsha umntwana wentombazane onezinyanga ezine (4) eThubelihle eKriel. Kuthiwa laba bobabili bese kunezingane ezintathu abazintshontshile abahlala nazo emjondolo wabo ose-Ogies.

Lezithandani eziwubulili obufanayo kuthiwa bezizenza abasebenzi bezempilo emphakathini nobekwenza kube lula ukulutha abantu. Batholwe nezingane ezintathu (3) phakathi kwazo okukhona neyomfana eneminyaka emithathu (3) okusolakala ukuthi yebiwa ngo-Ephreli 2023 eMarble Hall eMpumalanga.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com