Indodana KaZuma Izomemezela Iqembu Layo Elisha
NGESIKHATHI ubaba wakhe uMnuz. Jacob Zuma ematasa ekhankasela iqembu lakhe nalo elisha Umkhonto Wesizwe Party, uDuduzani Zuma ongusomabhizinisi ulungiselela ukuvula elakhe iqembu naye. UDuduzani utshele i-Sunday World ukuthi iqembu leli lizokwethulwa ekupheleni kuka Januwari. Uthe ezinhlelweni ezikhona ukuba bangenele ukhetho, bakhe isisekelo sesikhathi eside nokwenza into ebonakalayo. “Kumele siqhamuke nezixazululo ezizotakula imiphakathi ezinkingeni zamanje, sisebenze nabo ngqo abantu abathintekayo nabaqonda izinselelo zamanje. Kubalulekile ukuba siqhakambise umyalezo neminyakazo ezokwazi ukuguqula indlela abantu abacabanga ngayo. Sinohlelo lokwenza into enkulu”, kuchaza uDuduzani.
Uqhubeke ngokuchaza ukuthi inhloso yakhe enkulu ukukhipha abantu kwipolitiki yendlala kodwa bebafake kwipolitiki yethemba nephuphuma amathuba. “Lokhu sizokwenza ngokuthi sakhe abantu phakathi kwethu abazoba isibonelo esihle emiphakathini. Sizonika usizo lwemali kulaba abazoba nothando lokusebenzisa amathuba esizowadala. Kuzokwenziwa yithi konke. Sifuna ukuqeda umqondo wokuthi abantu bebe abathengi kuphela kepha sizobenza babe osomabhizinisi futhi”,
UDuduzani uthe iqembu lakhe elisazoqanjwa igama lizoba ngelabantu bonke, alikhethi minyaka, bulili, buhlanga, inkolo namasiko. Okunye akushilo ukuthi leli qembu lizoholwa abantu abasha futhi lokho akuzoboniswana namuntu ngakho. Ebuzwa ukuthi akalona yini ilungu leqembu likayise i-MK Party uthe: “..mina ngiyingxenye yento engakaze ibonwe, into ezoshintsha konke nendlela okubukwa ngayo izinto ezweni, lento iyeza khona maduze”, kuphetha uDuduzani