Izindaba

Sebehlukaniselana Izimpahla Zika Zahara Odadewabo

Lingakamili natshani ithuna likadadewabo bakaZahara kuthiwa sebathathe izimpahla zakhe bahlukaniselana ngazo. UBandezwa noLumka abazalwa nalo mculi ongcwatshwe ngenyanga edlule kubikwa ukuthi sebethuthele emzini kaZahara ose Lille Falls eRoodepoort, bafike bagqekeza amadilophu anezimpahla zakhe bathatha okubalinganayo. Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi lomculi esagula elele embhedeni esibhedlela lamantombazane kwavela kwabezindaba ukuthi asebenzisa ama-card akhe asebhange ukukhithiza ngawo izimpahla zokugqoka ezitolo eziphambili.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.