Izindaba

I-International Court Of Justice (ICJ) Izohlalela Icala Elifakwe Elakuleli Libopha Elakwa-ISrael

IZWE lakwa-Israel selinqume ukuthi lizovela phambi kwenkantolo yezobulungiwa yomhlaba i-International Court of Justice (ICJ) eHague ukuze iziphendulele ecaleni elifakwe iNingizimu Afrika lokuqotha imbokode nesisekelo eGaza.

Abezindaba bakwa-Israel babike ukuthi u-Prime Minister uBenjamin Netanyahu uthathe lesinqumo ukuvimbela i-ICJ ukuthi ingakhiphi isahlulelo sokumisa umbutho wabo nezinhlelo zabo zonke zokuqhubeka nempi eseGaza.

Okhulumela uHulumeni wakwa-Israel u-Eylon Levy ugxeke iNingizimu Afrika ngokuseka iHamas kulempi. “Sifuna ukukusho kucace ukuthi siyayigxeka iNingizimu Afrika ngokukhetha uhlangothi lukaSathane futhi izifake shi ecaleni labantu abayimbangela yesibhicongo esaba ngomhlaka 7 Okhthoba. Ngomhlaka 7 Okhthoba iNingizimu Afrika kufana nokuthi yayikhona ngesikhathi iHamas ibulala futhi idlwengula abantu emakhempini. Vele akuqali manje ukuthi iNingizimu Afrika ikhethe uhlangothi lwababulali njengoba yake yaseka u-Omar Al Bushar emuva kokuba ehlulelwa ngamacala okubulala inqwaba yabantu eDarfur”, kusho uLevy.

Elakwa-Israel lisola iNingizimu Afrika ngokuvikela iHamas emuva kokuba yenza isihluku kubantu bakhona ngomhlaka 7 Okhthoba. Kuzothi ngomhlaka 11-12 Januwari 2024 i-ICJ ilalele izethulo zeNingizimu Afrika ngecala elifakele i-Israel.

Umqondisi-Jikelele eMnyangweni WezokuXhumana namaZwe nokuSebenzisana uMnuz. Zane Dangor uthe iNingizimu Afrika ikulungele ukuyokwenza izethulo ku i-ICJ. “Into yethu icacile, thina siyokwethulela i-ICJ icala elenziwe lokubulawa kwabantu ngaphansi komthetho oqondene nalamacala ngenhloso yokuthi inkantolo ivikele abantu futhi ijezise abenzi bokubi”, kuphela uDangor.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.