Izindaba

Lishe Langqongqa Ihhotela E-St. Helena Bay

ZITHE zisathokozela amaholidi izivakashi ehhotela iShelley Point Hotel eSt Helena Bay ngaphakathi endaweni yokudlela i Cape West Restaurant kwavele kwagqamuka amalangabi kwasha kwasani. Kuthiwa sike samemeza esinye isivakashi sizwa iphungana lokusha sathi “ningashisi amabhodwe lapho njalo nina silinde ukudla, safa indlala”. Kanti sisho emva kwendaba vele sekuyasha ekhishini. Umlilo ube sewokheleka onke amagumbi ngokushesha kwakhishwa zonke izivakashi nebezifike nezingane ezincane kwawubumayemaye umuntu ecosha usakabhudu lwakhe. Sibhale lapha kusathunyelwe amabhanoyi amabili atshuzisa amanzi ukuba azocisha. Akekho okubikwe ukuthi ulimele noma kasekho.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.