EZISEMATHENIIzindaba

Izinsolo Ezishaqisayo Ngebhishi Lase Tugela Mouth

SEKUVELE ukuthi isimemezelo esikhishwe uMasipala waseMandeni ngokungcola kolwandle lwasebhishi i-Tugela Mouth besidukisa umphakathi ngabomu. UMKHAYA uthole ngomthombo wawo ukuthi noma inile imvula kodwa uMasipala ngesikhathi wenza isimemezelo sokuvala ukubhukuda ebhishi usebenzise izithombe ezindala ngenhloso yokuvimba abantu ukuthi bayozithokozisa olwandle. Kuthiwa ngesikhathi umphakathi ungavunyelwe ukubhukuda olwandle kubonakale abamhlophe bezijabulela kungonakele lutho khona olwandle obekuthiwa lungcolile. Kuthiwa seziningi izigameko zokucwaswa kwabamnyama abafikayo ebhishi nokugqame kakhulu sekukhona usomabhizinisi owaziwa ngo-Steve onomuzi khona eTugela Mouth.

Umthombo wethu usibikele ukuthi uMasipala ususebenza ngokulandela imiyalelo yabahlali abamhlophe abanemizi eduze kwasebhishi. “Labelungu sekunesikhathi eside bengabafuni abantu abamnyama laphana kodwa behluleka ukubakhipha, baze bayeka. Kunele kwafika uSteve kwaqala phansi. Lowana-ke usebenzisana nawo uMasipala ngophiko lwawo lwamaphoyisa ukuvimba abantu. Wake wawenzela i-braai esebenzisa imali yakhe, asazi-ke wayewajabulisa kade emenzeleni”, kuphetha umthombo.

UMKHAYA uyazi ukuthi sekube nemihlangano eminingi ebanjwe abantu abamnyama baku-ward 2 ngaphansi kwaMasipala waseMandeni no Steve ukuzama ukulungisa isimo sakulelabhishi kodwa asilungi nakuba kwaba nokuvumelana ngamaphuzu athile ukuthi ibhishi lizosetshenziswa kanjani. Kuthiwa uMasipala awunalo uhlelo olucacile lokulungisa inkinga yaseTugela Mouth ngaphandle kokuthi ulivale makusho abamhlophe abayizakhamizi ezikhokha intela enhle kuMasipala.

Ibhishi laseTugela Mouth belivame ukuba nemicimbi ephezulu ngesikhathi samaholidi kaDisemba efana ne iBeach Music Festival ebiheha izinkumbi zabantu futhi ithuthukisa nabahwebi basendaweni abazizamelayo kodwa eseyavalwa ngenxa yesikhalazo esafakwa abamhlophe ngomsindo nezokuphepha kwabo. Lo mcimbi wathuthwa wayiswa eDokodweni Lagoon engaphansi kwawo loMasipala. Imizamo yethu yokuthola ukuphawula kukaMasipala ayiphumelelanga njengoba inombolo yocingo lwaseHhovisi lokwamukela abantu ibikhala ingabanjwa.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.