Izindaba

I-Israel Izohoxisa Amasosha Ayo EGaza

IZIKHULU zombutho wezempi kwa-Israel kuthe ngoMsombuluko zamemela ukuthi zizohoxisa ingxenye yamasosha azo aseGaza njengoba zihlela ezinye izindlela zokubhekana nezihonga ze Hamas yase Palestine. Abahlaziyi bezimpi e-US bakuchaze lokhu njengesahluko esibalulekile ekuhlahleni indlela ebheke ezingxoxweni zokudala ukuthula. Nokho amasosha akwa-Israel athe nakuba ezohoxisa elinye ithimba lamasosha awo kodwa alindele ukuthi lempi iqhubeke unyaka wonke. Kuzokhumbuleka ukuthi i-United Nations Security Council (UNSC) emasontweni igunyaze umbhalohlahlo (draft) obuthunywele kuyona yi-United Araba Emirates (UAE) oneziphakamiso zokuthi lempi ephakathi kwezwe lakwa-Israel ne Palestine ingaqedwa kanjani.

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com