Izindaba

I-Israel Izohoxisa Amasosha Ayo EGaza

IZIKHULU zombutho wezempi kwa-Israel kuthe ngoMsombuluko zamemela ukuthi zizohoxisa ingxenye yamasosha azo aseGaza njengoba zihlela ezinye izindlela zokubhekana nezihonga ze Hamas yase Palestine. Abahlaziyi bezimpi e-US bakuchaze lokhu njengesahluko esibalulekile ekuhlahleni indlela ebheke ezingxoxweni zokudala ukuthula. Nokho amasosha akwa-Israel athe nakuba ezohoxisa elinye ithimba lamasosha awo kodwa alindele ukuthi lempi iqhubeke unyaka wonke. Kuzokhumbuleka ukuthi i-United Nations Security Council (UNSC) emasontweni igunyaze umbhalohlahlo (draft) obuthunywele kuyona yi-United Araba Emirates (UAE) oneziphakamiso zokuthi lempi ephakathi kwezwe lakwa-Israel ne Palestine ingaqedwa kanjani.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.