EZISEMATHENIIzindaba

UDlala Thukzin Udle Umhlanganiso Kweyokuhlukanisa Unyaka

KUBACULI abebencintisana emisakazweni ehlukene ngengoma ezohlukanisa unyaka phakathi kwamabili mhlaka 31 Disemba, uDlala Thukzin uyena odle ubhedu ngokuzihola emisakazweni emihlanu (5) okuyi Metro FM, Radio 2000, Motsweding FM, Ligwalagwala FM, ne Gagasi FM. Yize ingoma kaThukzin ibivela ohlwini lweziteshi eziningi kwezibangayo kodwa yena ubonakale egxilise umkhankaso wakhe ohlwini lomsakazo wesiZulu Ukhozi FM. Lomsakazo ubune Top 10 okugcine kunqoba kuyona uKhuzani ngengoma yakhe ‘Umjolo Lowo’. Kuke kwaba nezinkulumo eziningi ngohlu loKhozi FM njengoba bekusolwa ukwenzelela kuKhuzani okwenziwa umphathi wesiteshi uSbongi Ngcobo. Abalaleli abaningi balomsakazo sebesabise ngokuwuduba njengoba bekholwa ukuthi bekufanele kunqobe ingoma kaMthandeni SK ethi ‘Paris’ nayo evotelwe kakhulu, yalala isibili (2) kwathi uThukzin walala isithathu (3).

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com