Kubusiswe Amakholwa Abalelwa Kuma-50 000 Ebandleni Lika Bushiri Kuhlukana Unyaka
UMFUNDISI waseMalawi owabaleka eNingizimu Afrika esefokofiswa amaphoyisa uProphet Shepherd Bushiri kuthe ngeSonto wabusisa amakholwa abengaphezu kwezinkulungwane ezingamashumi amahlanu (50 000) abezohlukanisa unyaka enkonzweni eba minyaka yonke yebandla lakhe iJesus Nation Church. Leli bandla kuthiwa belenze lenkonzo e-AHL Hall eLilongwe kanti babalelwa ezinkulungwaneni ezingamashumi amabili nantathu (23 000) ababhishobhi abebekhona behola amabandla angaphansi kwaleli sonto bevela emazweni ahlukene. Kubazalwane abebezimazise lenkonzo ebibizwa ngokuthi i-Night Of Wealth Transfer kuthiwa abaseNingizimu Afrika ibona abebebaningi kakhulu njengoba bebebalelwa ezinkulungwaneni eziyishumi (10 000).