Imibono

UMasipala WaseMandeni Awuqhamuke Nesu Lokubhekana Nenkinga Yebhishi Lase Tugela Mouth

IZIMVULA zidala umonakalo omkhulu emiphakathi okugcina sekulimala ingqalasizinda nemizi yabantu kanye nabo uqobo. Okunye okuye kwenzeke ukuguguleka kwezihlahla eziba semisebeni lwemifula. Imifula iyonke iphelela olwandle okuchaza ukuthi wonke udoti ogugulwa umfula osuke udla izindwani uphelela olwandle. Lokhu kuletha inkinga kumabhishi aseduze nemifula engenela olwandle ngoba yonke inkuma ingenela khona bese kuba nenselelo kwabaphethe ukuthi bevumele abantu abasebenzisa lawomabhishi ukuthi bazijabulise ngenxa yezokuphepha.

Nakuba lena kuyinkinga yemvelo kepha sibona kunokudembela ohlangothini lwabaphethe ukuthi uma sekunenkinga eyaziwayo ukuthi iba khona emuva kwezimvula ezinkulu, kungani bengaqhamuki nesu (elizoba isikhathi eside) eliyisixazululo senkinga kunokuvala zonke izinhlelo zokuthi abantu bejabule ngesikhathi samaholidi

Isikhathi sasehlobo siyaziwa ngezimvula ngakho akunamidanti okungavikwa ngayo kuthiwe iyodwa kuphela indlela yokugwema inkinga, ukuvala ibhishi. Lapha uMKHAYA uzokwenza isibonelo ngebhishi elingaphansi kukaMasipala waseMandeni, iTugela Mouth. EMandeni kunamabhishi amabili okuyilo leli laseTugela Mouth nelase eDokodweni Lagoon. OkwaseDokodweni kubukeka kungenankinga, inkinga iseTugela Mouth lapho okuvele kugcwale inkuma engenisa ngomfula uThukela kanti ngokubuka kwethu kumele ngabe uMasipala waseMandeni kudala waqhamuka nezinhlelo zokubhekana nalokhu ngoba sekuyinkinga eyihlalakhona.

Kulula ukucabanga ukuthi ikhona enye inkinga ekhona ngalelabhishi engaphezu kukaMasipala wendawo. Kunemibono evela kubantu bendawo ukuthi kumele ngabe uMasipala usuke wacabanga ukwenza indawo yokubhukuda (swimming pool) ukuze makuba nenkinga olwandle kodwa umphakathi ungasweli indawo yokuzithokozisa. Eminye imibono evela kubantu ngethi uma khathisimbe ibhishi lingalulwa noma kwenziwe elinye endaweni eqhelile kunaleli elikhona ukuze libe buqamama nomfula hleze inkuma ingafiki lapho. Lena imibono yabantu abakhe eduze nalelibhishi nabalisebenzisayo.

Nakuba ikhona lemibono kodwa UMKHAYA ubona ukuthi ayikho intando enhle kwabaphethe njengoba inkinga efanayo neyaseTugela Mouth yenzekile eRichards Bay ebhishi lase-Alkanstraand ngaphansi koMasipala uMhlathuze kodwa abaphethe kulowaMasipala basheshe bayigugula yonke inkuma ukuze kuthi kufika abantu abazothokozela amaholidi, indawo esolwandle ibe isisesimeni esikahle sokusetshenziswa abantu.

Umhleli

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.