UMKHAYA Emkhankasweni Wokuthengela Abantwana Izicathulo Zesikole
IZIKO lakho lezindaba UMKHAYA linomkhankaso wokuthengela abantwana izicathulo zesikole ngoba sithanda singathandi izikole zizovulwa futhi abanye abazali bazobe bengenawo amandla okuthengela abantwana babo izimfanelo zesikole. Thina lapha kuMKHAYA siqale lomkhankaso ukuze sibe neqhaza elibonakalayo emfundweni yabantwana.
Uma ufuna ukulula isandla sibhalele ku INBOX ekhasini lethu lika-Facebook [Umkhaya]. Siyakunxusa ukuba ulule isandla ngokuncane ongaba nakho ngoba umnikelo wakho ungenza umehluko omkhulu kulowo mntwana ozobe ehlubule ukuze naye abuyelwe ukuzethemba. Umkhankaso wethu uvala ngoLwesithathu mhlaka 31 Januwari 2024.
Ukuze umntwana wakho noma omaziyo asizakale vakashela ku: www.umkhaya.co.za uciphize emagameni athi ‘Xhumana Nathi’ bese ufaka imininingwane yakho nomyalezo ochazayo ukuthi kungani kufanele kube umntwana okhethwe nguwe ohlomula ngezicathulo. Izicathulo zizothengwa esitolo sakwa PEP kuphela. UMKHAYA akukho isivumelwano osenze nesitolo sakwa PEP kodwa kube isinqumo esivumelana nesimo somkhankaso wethu.
[Umhleli]