Izindaba

Akasekho U “KCI” WoMhlobo Wenene FM

UKUFA kulokhu kugadla kuphindelela endimeni yezikaqedisizungu njengoba ngoLwesihlanu kulalwe sekunemibiko ebisabalele ebithi umsakazi woMhlobo Wenene FM, uMthobeli “KCi” August (osesithombeni) akasekho. Lomsakazi kuthiwa utholakale endlini yakhe eGoli esethule, akukaziwa okumbulele. U-August ungomunye wabasakazi abese beyibambe isikhathi eside kuMhlobo Wenene lapho abesakaza khona uhlelo lwantambama olulalelwa kakhulu intsha. Ubewumsakazi osesitayeleni etholakala emicimbini ephezulu kodwa engakhohliwe isintu sakhe nezimiso zobuXhosa. Umhlobo Wenene FM uke wamyekisa ukusakaza uhlelo lwantambama emuva kokwehla kwezinombolo zabalaleli bohlelo lwakhe bamfaka kolwasemini kodwa ngokuhamba kwesikhathi babuye bambuyisa esesakaza no Luks Gidane

UMKHAYA

Ukuze ukhangise ezikweni lethu elidlondlobalayo, sithinte ku - 079 523 9786 noma kuleli kheli le-email elithi - editor.umkhaya@gmail.com