Izindaba

Abathandi Bobumnandi Bamagange Nge Mandeni Street Shutdown

OMUNYE wemicimbi ehanjelwa kakhulu ngalesikhathi yiMandeni Street Shutdown. Lomcimbi usudonse iminyaka eyishumi nantathu (13) ulokhu uheha abathandi bobumnandi abasuke bezohlukanisa unyaka ngomhlaka 31 Disemba. IMandeni Street Shutdown isungulwe uDJ Bitso nabangani bakhe baseThokoza elokishini laseSundumbili, kuyinto ababezenzela yona ukwakha ubumnandi ngasemakubo nokugcine sekuba ibhengasi eheha abantu abaningi nabaphuma kwezinye izigceme nangaphandle kwelokishi. Ngaleso ubusabizwa ngeThokoza Street Shutdown njengoba sewukhule waze washintsha igama kanti manje usuba sepaki yezimoto eseduze kweHholo lomphakathi iSibusisiwe Hall khona eThokoza.

Emva kokweswela uxhaso nezindleko zokuwenza uDJ Bitso wanquma ukuba abawuhambelayo bafake okuncane ukuze kube lula ukuwuhlanganisa. Nakuba sekukhokhwa kodwa abathandi bobumnandi basaqhubeka nokuwuhambela ngoba bawuthatha njengento esungulelwe ukufeza isidingo sabo senjabulo.

Kulo nyala kuboshelwe ulayini omude woDJ nosaziwayo emikhakheni ehlukene. Okugqamile ukuvela kwegama lika King Danger we CMTV okuwuhlelo oluseqhathe inqwaba yezithandani njengoba luvame ukuqhulula izimfihlo zabafebayo emjolweni. Abanye abazobe bephethe uhlelo uSmanga Da Comedian noMC Fakazi wodumo lwe-Iradio kwaSiqumbe. Amathikithi okungena abiza R70 kuphela, awe-VIP R200 bese uma ufuna ukungena ne cooler box yakho unikela ngo R50

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.