Izindaba

Ukhafula Umlilo U-Owen Ndlovu Ngabaphathi BoKhozi FM No Khuzani

UKHAFULE umlilo wodwa u-Owen Ndlovu ngesikhathi enza inkulumo ebibukhoma ngezinsolo ezibhekiswe kumphathi woKhozi FM uSbongi Ngcobo zenkohlakalo ngengoma ehlukanisa unyaka. UNdlovu usole uNgcobo ngokungathintwa njengoba evikelwa isikhulu esibizwa ngo Nada e-SABC. Uqhubeke wathi uyazi yena ukuthi bukhona ubudlelwane obuphakathi kuka Ngcobo noKhuzani Mpungose nokuyinto asazoyiphenya ukuthi bahlanganiswa yini. Angakusho okwamanje ukuthi kufanele aphume ku-Top 10 yoKhozi FM. UNdlovu uthi uKhuzani kumele ayeke ukuzivotela, uphinde wathi uma uKhuzani engafuni ukuhoxa ku-Top 10 uzoqala uphenyo. “Uma engaphumi ku-Top 10 uKhuzani ngizokwenza uphenyo mayelana nobudlelwane bakhe nomphathi woKhozi uSbongi Ngcobo, ngibheke ukuthi baxoxani ku Whatsapp, bafonelana kangaki, nokuthi basendelana ama-SMS athini”, kusho uNdlovu. Uthi angeke aze alinde uphenyo lwe-SABC ngoba luchemile, uzokwenza olwakhe lapho ezophenya kabanzi. UNdlovu uthi yena akalwi noKhuzani kodwa ulwa nabaphathi boKhozi FM.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.