EZISEMATHENIIzindaba

U-Owen Ndlovu Uzodalula Iqiniso Nge-Song Of The Year Nangezinsolo Ezibhekene Nomphathi WoKhozi FM

OWAYENGUMSAKAZI webhola kwa-SABC u-Owen Ndlovu (osesithombeni) kuthe ngoLwesine wamemezela ukuthi uzokwenza i-video bukhoma lapho ezobe eneka lonke iqiniso alaziyo nge-Song of the Year ezwe kuthiwa izobe idlalwa Ukhozi FM mhlaka-31 Disemba. UNdlovu uthe umqondo we Song of the Year owakhe futhi unelungelo lonke lawo njengoba kuwuyena owawuthula kwa-SABC njengebhizinisi elingenza inzuzo.

“Manje kuyangimangaza ukubona i-SABC ikhiphe isitatimende esithi Ukhozi FM yiwona msakazo othathwa njengophusha umkhankaso wayo we Song of the Year. Mina ngazi Ukhozi lunomkhankaso wengoma ehlukanisa unyaka kuphela okunye kuqondene nami futhi inkantolo yangivuna. Kusasa ningihlangabeze ngizobe ngenza u-Live ngo-6 ntambama nizwe onke amaqiniso, ngoba nalokhu okubhalwe intatheli eveze inkohlakalo yoKhozi ngiyakwazi ngizokhuluma nangakho”, kusho uNdlovu ogcizelele ukuthi uyazazi zonke lezinsolo ezibekwe uSbongi Ngcobo ongumphathi woKhozi FM futhi uzogeqa amagula ngakho konke.

USbongi Ngcobo ubekwe izinsolo zokukhwabanisa imali yomsakazo, asebenzise uKhozi kepha imali ingene kwi-account yakhe yase Standard Bank. Usolwa ngokuphinde ahlangane noKhuzani Mpungose kweye-Song of the Year. Kuthiwa yena noKhuzani banobudlelwano obuhle ne Standard Bank exhasa yonke into eyenziwa uKhuzani. Kuthiwa uKhuzani utshelwa yonke into mayelana namavoti e Song of the Year kepha bonke laba abanye abatshelwa babona nje uma sekutshengiswa uwonkewonke.

I-SABC iphendulile yathi: “lawa ngamacebo okuzama ukuphazamisa umgqigqo omuhle ophushwa woKhozi FM kweyokuhlukanisa unyaka”. Baqhube bathi uKhozi FM lubenzela enhle imali ngalo mkhankaso we-Song of the Year.

INTATHELI YOMKHAYA

UMKHAYA iziko lezindaba elibika ngolimi lwesiZulu izihloko ezisematheni, ezosaziwayo, ezemfundo, ezemidlalo kanye nangabantu abenza izinto ezinhle emphakathini. Sibika zonke izindaba ngokuthembeka, ngeqiniso nangobuqotho.